UNTULI UBONGELE AMAZULU FC ANQOBE I-PREMIER’S CUP

AMAZULU FC angompetha be-2026 KZN Premier’s Cup.

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli evulela inhlanhla AmaZulu FC ngokushaya igoli njengoba kube yiwona athatha isicoco. IZITHOMBE: ZANDILE SHANGE
NOMCEBO NGEMA
I-PREMIER’S Cup 2026, iklama indima enkulu, ebalulekile ekulekeleleni amaqembu ebhola aKwaZulu-Natal, ukuthi akwazi ukuzihlola ukuthi ayilungele yini isizini. Lokhu kushiwo uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli namuhla, ngesikhathi kunomdlalo wamanqamu we-2026 KZN Premier’s Cup enkundleni yezemidlalo iPrincess Magogo Stadium, KwaMashu lapho bekubhekene AmaZulu FC ne-Milford FC.
UNdunankulu uNtuli ushayele ihlombe ukwanda kwamaqembu asesifundazweni adlala esigabeni esiphezulu esikhokhelayo, wathi lokho kwenza intsha ibe nendawo lapho engathembela kuyo.
“Le midlalo yenza amaqembu aKwaZulu-Natal akwazi ukuzihlola ukuthi ayilungele yini isizini. Kuyinto enhle ukuthi kube namaqembu asesifundazweni adlala esigabeni esiphezulu esikhokhelayo. Lokho kwenza intsha yaKwaZulu-Natal, ibe nendawo lapho engathembela kuyona. Le midlalo iqhakambisa izindawo zaKwaZulu-Natal, yenza kusimame umnotho. Njengoba le midlalo ilapha eThekwini izindawo zokulala zihlomulile, ezokuthutha nabadayisi abancane bahlomulile,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uqhube wathi le midlalo ibamba iqhaza ekuhlanganiseni abantu baKwaZulu-Natal njengesizwe kuthi abangazwani babuyisane, babe imbumba. Uthe ezemidlalo zinamandla okubumba isizwe sibe imbumba. “Intsha yaKwaZulu-Natal izoba nabantu ebaziyo abadlala esigabeni esikhokhelayo ezobukela kubona. Kade nginengxoxo ekhethekile noNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo ubuCiko namaSiko KwaZulu -Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, ngamtshela ukuthi ngifuna ukubona ezemidlalo zisabalala ziya emakhaya, nasemalokishini. Uhulumeni uzoba ingxenye enkulu yazo ikakhulukazi emabangeni aphansi emfundo ukuze kuhlonzwe ithalente esigabeni esiphansi,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.
Kowamanqamu, AmaZulu FC aguqise iMilford FC ngo 2-0, athathe indebe yeKZN Premier’s Cup 2026.
