ITHEKU NOMKHANKASO WOKUKHUTHAZA ABESILISA NGEZEMPILO

UPHAKAMANI Ndlovu we-Phakamani Empowerment naye uzobe eyingxenye yalo mkhankaso wezingxoxo zamadoda. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UMTHOLAMPILO wasePinetown uhlele izingxoxo nabantu besilisa, ngenhloso yokuqwashisa ngezifo ezithathelana ngokocansi nokubaluleka kokusetshenziswa kwamakhondomu.
Lokhu kuvezwe uMasipala weTheku njengoba uthi awuzogcina ngokukhuluma nabesilisa kuphela, kodwa uzoqwashisa nabesifazane ngokukhulelwa kuleli sonto.
“Lezi ngxoxo zizogxila ekubalulekeni kokuhlolwa kwezempilo kusenesikhathi, ukusetshenziswa kwamakhondomu njalo kanye nokunakekela impilo yengqondo. Lesi sikhungo sinegumbi elikhethekile labesilisa elaziwa ngokuthi iMen Empowerment Corner, eliqhutshwa ngabahlengikazi besilisa abaqeqeshwe ngokukhethekile ukuhlinzeka ngezinsiza zezempilo ezigxile emadodeni.
Lolu hlelo olwakhayo lukhuthaza amadoda ukuthi afune izinsiza zezempilo ngokuzethemba nangokunethezeka,” kusho uMasipala kwisitatimende.
