Uncategorised

KUZOBHUNGWA NGEZITHINTA AMADODA E-VRYHEID NGOLWESINE

IMEYA kaMasipala uCllr Sifiso Mkhwanazi, imema amadoda ukuthi aphume ngothi lwawo mhla zingama-30 kulenyanga. ISITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

IMEYA kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi, imema amadoda nezinsizwa ukuthi baphume ngobuningi babo, kumcimbi owaziwa ngokuthi Ingezo YaBaQulusi ozoba mhla zingama-30 kuNtulikazi kulonyaka, enkundleni yebhola lombhoxo eCecil Emmett.IMeya uCllr uMkhwanazi uthe inhloso yalo mcimbi ngushuni wamaBhinca noma isitayela sezikhothane.

“Ngimema wonke amadoda nezinsizwa zaseBaQulusini namaphethelo, ukuthi ziphelele ngalolu suku. Kuzobhungwa ngezinto ezithinta ngqo amadoda. Amadoda azobe ecuphe isisoka kulo mcimbi, owenziwe ngenyanga yawo. Lo mcimbi uzoqala ngehora lesi-09:00 ekuseni,” kusho iMeya uMkhwanazi.