OWABAQULUSI UQOKWE NJENGENXUSA KWI-PAN AFRICAN

UDKT Khabo Mdlalose-Nene oqokwe kwesokuba inxusa kwiPan-African Peace Envoy Assembly. ISITHOMBE: SITHUNYELWE
NOMCEBO NGEMA
UPHAKAMISE ifulegi labaQulusi uDkt Khabo Mdlalose Nene, kulandela ukuqokwanjengenxusa kwiPan-African Peace Envoy Assembly. Lo wesifazane ongowokuzalwa eMondlo futhi uzalwa ebukhosini bakwaMdlalose endlini kaNtuzwa, waziwa kakhulu ngamagalelo amahle ebuholini, ekuthuthukiseni umphakathi nokushumayela ivangeli lobumbano, uxolo kanye nobunye.
UDkt Nene uthe uyaziqhenya ngokuba owaseBaQulusini. “Ukuqhamuka endaweni yasemakhaya akungivimbanga ukuthi ngiphumelele empilweni. Kubalulekile ukuhlonipha imvelaphi yakho, uqhakambise nokukholelwa ebuholini bendabuko,” kusho uDkt Nene.Ngaphambi kokuthi aqokelwe kulesikhundla uDkt Nene kuqale kwacutshungulwa ukusebenza kwakhe ngokuzikhandla, kwiminxa ehlukahlukene okubalwa kubaholi bendabuko, kubakhi benqubomgomo kanye nakubalweli bokuthula abasezingeni eliphezulu.
