UMBALULA UJABULELA UKUHLUKANA KWEMARCH AND MARCH NONGIZWE

UFIKILE Mbalule ujabulela ukuhlukana kweMarch And March, noNgizwe Mchunu.

UNGIZWE Mchunu ongomunye owaphumela obala waseka iMarch And March. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UKUHLUKANA kwenhloko nesixhanti kuka Ngizwe Mchunu nabeMarch and March, kujabuliseuNobhala Jikelele we-African National Congress (ANC), uFikile Mbalula. UMbalula ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma eLuthuli House.
UMbalula ugxeka imashi eyayimhla zingama-30 kuNhlangulana kulonyaka, wathi ayizange ibe impumelelo. “Lawa mamashi anxenxa abokufika kuleli ngokungemthetho ukuthi babuyele emazweni abo, alimaze isithunzi seNingizimu Afrika emazweni omhlaba. Lokhu okwenzeka manje kuqinisekisa lokhu engangixwayise ngakho phambilini,” kusho UMbalula.Kuzokhumbuleka ukuthi iMarch And March isanda kumemezela ukungasasebenzisani kwayo noNgizwe, yathi kunophenyo lwangaphakathi elwenzayo.
