I-ANC IZOWAMEMEZELA MADUZE AMAGAMA ABANTU EZOFOLOSA NGABO KWEZOBUMEYA

UNOBHALA Jikelele we-ANC uFikile Mbalula enxenxa izakhamuzi ukuthi zibhalisele ukuvota izolo.

AMAVOLONTIYA e-ANC eGoli, ebikhuthaza abantu ukuthi beyozibheka ukuthi bayavela yini ohlwini. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
INHLANGANO i-African National Congress (ANC), ithe izowamemezela maduze amagama abantu ezofolosa ngabo kwezobuMeya, njengoba ukhetho lohulumeni basekhaya selusemome. UNobhala Jikelele we-ANC uFikile Mbalula, uthe seziphothuliwe izingxoxo zabafolisa ngabo kwezobumeya, ngesikhathi eseDiepsloot, izolo.
Le nhlangano ibiqhuba umkhankaso wokunxusa abantu ukuthi babhalisele ukuvota, nokuthi beyozibheka ukuthi amagama abo ayavela yini ohlwini lwabantu abazovota. “Sesiziphothulile izingxoxo zokukhetha abazongenela izikhundla zobumeya. Bangaphezulu kuka-10 000 abantu abazomela leli qembu kukhetho lohulumeni basekhaya. Inqubo yokukhetha abazongenela ukhetho izoqedwa esikhathini esingangesonto elilodwa. Ngemuva kwalokho iqembu lizogxila emikhankasweni yokhetho nasekwethulweni komqulu wezithembiso zokhetho,” kusho uMbalula.
Uqhube wathi ukwethulwa komqulu wezithembiso kuzoba mhla zingama-23 kuNcwaba ngenxa yeNgqungquthela eseThekwini iSADC. UMengameli Cyril Ramaphosa uthe uzokwethula lo mqulu eRiverside. Uphinde wancoma amavolontiya e-ANC ngomsebenzi wokukhuthaza abantu ukuthi babhalisele ukuvota, wagcizelela ukuthi iqembu liyaqhubeka nomkhankaso walo wokuvuselela nokuhlanganisa imiphakathi ngaphambi kokhetho.
i
