Uncategorised

UMEYER UZOGEQA AMAGULA NGOKWENZEKA KUMNYANGO

UNGQONGQOSHE uMnuz Martin Meyer uzobe esemahhovisi o-Umusa Media kusasa. ISITHOMBE: UMUSA MEDIA

NOMCEBO NGEMA

IHHOVISI lezindaba, UMusa Media likulethela bukhoma, uNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal, uMnuz Martin Meyer lapho ezochazela kabanzi abantu bakulesi sifundazwe ngezinhlelo lo mnyango onazo. Nazi izihloko azozithinta:

. Ukwabiwa kohlahlo mali lwakulonyaka.

. Ukuthi abantu bakulesifundazwe bazohlomula kanjani kulona.

Amaprojekthi abe impumelelo, angabanga impumelelo nazayo.

Ukwanda okanye ukuvuleka kwamathuba emisebenzi.

Ukuchaza kabanzi ngamabhilidi akweletayo nadliwe ngokungekho emthethweni.

Mthandi nomlandeli wo-Umusa Media ungaphuthelwa ukubuka bukhoma le ngxoxo kusasa mhla-4 kuNcwaba, ligamenxe ihora lesibili emini (14h30). Le ngxoxo ungayibuka kulezi zinkundla zethu zokuxhumana ufacebook: Izindaba Umusanews TikTok: UMusa Media