LUSEZITHEBENI OLOKUQOKWA KOSUKU LOKHETHO LOHULUMENI BASEKHAYA

UNGQONGQOSHE weZokubusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke uMnuz Velenkosini Hlabisa. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
ZIYAQHUBEKA izingxoxo zokuqoka usuku lokhetho lohulumeni basekhaya njengoba kufanele lube kulonyaka.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke uMnuz Velenkosini Hlabisa ophinde abe uMengameli weqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP).
UNgqongqoshe uHlabisa ukuqinisekisile ukuthi lolu khetho lugunyazwe umthethosisekelo ukuthi lube phakathi kukaLwezi kulonyaka, noMasingana wangonyaka ozayo. “Izingxoxo zisaqhubeka zokubonisana ukuthi usuku olukhethiwe, luzowanika yini amaqembu isikhathi esanele sokuzilungiselela. Kuzobhekwa ukuthi abavoti nabo bayasithola yini isikhathi sokuzilungiselela, ngokubheka ukuthi lolu suku luzohambisana yini nazo zonke izidingo zomthetho,” kuchaza uNgqongqoshe uHlabisa.
Uphinde waveza ukuthi uma sekuvunyelwene ngosuku, kuyobe sekumenyezelwa ngokusemthethweni ukuze amaqembu ezepolitiki azilungiselele, kuhanjiswe umbiko kwikhomishana yokhetho ezimele nabavoti banikwe isikhathi sokuzilungiselela.
