LUZOGUJWA NGEGIYA ELIPHEZULU USUKU LWABESIFAZANE EVRYHEID

ABACULI abazosina bededelane esiteji ngomcimbi wabantu besifazane eVryheid. ISITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
UMASIPALA waBaQulusi uzogubha ngesitayela esisezingeni eliphezulu, usuku lwabesifazane, abajlama indima enkulu ekulweleni inkululeko ngonyaka ka-1956, lo mcimbi uzokuba mhla ziyi-10 kuNcwaba, ngoMsombuluko enkundleni yebhola lombhoxo eCecil Emmett, eVryheid.
Lo mcimbi obizwa ngokuthi yiDoek on Mbokodo, uhlelwe uMasipala waBaQulusi, kuhloswe ngawo ukuhlonipha abantu besifazane, ngendima abayiklamayo emakhaya, emphakathi, esifundazweni nakwiNingizimu Afrika, njengoba abangonyaka ka-1956, bakwazi ukulwa nomthetho wokuphathwa kodompasi. Lo mcimbi uzohlabahlosa nedili labaculi okubalwa uKhuzani, uDumakahle, iNkosi Yamagcokama, uMzukulu, uMenzi, uFeza, uNkeshemba nabanye abaningi.
IMeya kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi, uthe akufanele abantu besifazane baqhakanjiswe ngalenyanga kuphela, kodwa kufanele baqhakanjiswe nsuku zonke, banikwe uthando, banakekelwe futhi bavikelwe nsuku zonke.
“Umuntu wesilisa akayilutho ngaphandle komuntu wesifazane. Imizi eminingi imile ngoba kunomuntu wesifazane oma noma izimo zingavumi. Banesibindi sokuhlala ekhaya bakhe imizi, bakhulise izingane uma ubaba esheshe wadlula emhlabeni,” kusho iMeya uMkhwanazi.Uqhube wathi ngalolu suku abantu besifazane bazozithokozisa ngedili lomculo beshuqule amaduku abo.Uzoqala libumbene ihora lesi-09:00 ekuseni, kuze kube iphakathi kwamabili. Kungenwa mahhala u-coolerbox.
