UMNDENI KALOWO OSHAYISWE YILOLI UCELA KUYEKWE UKUSATSHALALISWA KWE-VIDEO NEZITHOMBE

UMISIWE umshayeli weloli lamanzi eThekwini , njengoba kuthiwa isigameko sase-Adams samshiya ehlukumezekile. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UMNDENI wakwaZungu e-Adams Mission, eThekwini, ogubezelwe yifu elimnyama, kulandela ukudlula emhlabeni kabuhlungu kwelungu lawo uCelani, ucela kuyekwe ukusatshalaliswa kwe-video ekhombisa isigameko esiholele ekushoneni kwakhe ezinkundleni zokuxhumana.
UCelani washayiswa iloli lamanzi likaMasipala weTheku ngoMsombuluko, imbangela yalesi sigameko ayikaziwa. Umndeni uthe ukusabalala kwale-video ezinkundleni zokuxhumana kuyaqhubeka nokubalimaza ngokomqondo, ekubeni bezama ukubhekana nobuhlungu bokulahlekelwa yilunga lomndeni wabo.
“Siyakuqonda ukuthi abantu bafuna ukwazi okwenzekile kodwa ukusabalalisa izithombe, nama-video abonisa umzuzu wokulimala, nokushona kwakhe akusizi ngalutho ngaphandle kokwengeza ubuhlungu obuphindiwe kuthina. Sicela abantu bahloniphe isithunzi sikamufi nemizwa yabasondelene naye, bagweme ukwabelana nge-video nezithombe zesigameko,” kusho isitatimende somndeni wakwaZungu.
Umndeni uphinde wacela ukuthi kugxilwe ekutholeni iqiniso ngalomuga oshiye abantu abaningi bethukile futhi benemibuzo eminingi, kunokuthi kusatshalaliswe i-video nezithombe eziqukethe ubuhlungu ezinkundleni zokuxhumana.Umshayeli weloli lamanzi kuthiwe umisiwe emsebenzini.
