Uncategorised

iINKAKHA YOMLINGISI ICACISA ‘NGEYOKUSHELA’ INDAWO YOKUHLALA

UMBIKO: NOBUHLE XIMBA

UMLINGISI osemklantshubomvu uLuthuli Dlamini usephumele obala ecacisa ngesimo sakhe sempilo njengoba sekusabalele ukuthi ubisha osizini endaweni enganakiwe yabadla izidakamizwa eRandburg eGoli.
Kuputshuke izindaba zokuthi ukungaqashwa emdlalweni yokulingisa ikhona osekwenze uLuthuli wafana nephara.
Ukusabalala kwale mibiko kudale abantu bakhombisa ukumzwela ezinkundleni zokuxhumana, abanye baveza ukuthi bafuna azokhusela kubona.
Kodwa izolo ngoLwesithathu uLuthuli ucacisele wonke ukuthi amampunge lawa akhulunywa ngokufaka i-video ezinkundleni zokuxhumana lapho evela khona ewasha izingubo endishini. “Ngizoqala ngibonge labo asebekhombise ukukhathazeka ngami, ngisho labo abafuna ukwelula isandla ngokunginika indlu ukuze ngifihle ikhanda. Kodwa ngifuna ukuchitha konke osekubikiwe ngami. Akulona iqiniso ukuthi sengingundingasithebeni njengoba kuthiwa anginayo indawo yokuhlala. Mina ngizihlalela endaweni enhle eThekwini. Ngivuswa ilanga kamnandi. Nginxusa abantu ukuthi baqaphele, benze nocwaningo ngaphambi kokusakaza imibiko ngoba lokho kubehlisa isithunzi,” kusho uLuthuli oseke walingisa kwiGenerations, Coconuts, Scandal neMandela’s Gun.
Ezinyangeni ezedlule omunye umlingisi onohlonze uCarlo Radebe wake waba sematheni ngesikathi eveza ukuthi ubhuqwa indlala njengoba wayengaqashwa ndawo. Kwazwela kakhulu kozakwabo kanti uMandla N, onguphrojusa wemidlalo ethandwa kakhulu kuleli, wathembisa ukumqasha uRadebe ukuze aphume osizini