ZIZOTOKA E-WESTVILLE IZELAMANI EZISOLWA NGOKUBULALA U-AKA

IZELAMANI zakwaNdimande ezisolwa ngokubulala u-AKA nomngani wakhe uTibz.
ISITHOMBE: FACEBOOK.
NOMCEBO NGEMA
INKANTOLO kaMantshi yaseThekwini ikhiphe isinqumo, sokuthi ziyiswe ejele laseWestville izelami zakwaNdimande, ukuze zizokwazi ukuxhumana nabameli bazo. USiyabonga nomfowabo uMalusi Ndimande basolwa ngokudubula babulale umrepha wakuleli uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTibello “Tibz” Motsoane, ngaphandle kwendawo yokudlela i-Wish emgwaqeni uFlorida eThekwini, ngonyaka ka-2023 kuNhlolanja.
Lezi zelamani bezikade zigqunywe ejele laseKokstad elidume ngokugoba inkani iziboshwa eziyingozi.
Lezi zelamani zabuyiswa kwelakuleli zivela eSwatini ngonyaka odlule, namhlanje bezivele okwesithathu eNkantolo kaMantshi eThekwini. Ngesikhathi ziboshwa kwatholakale ukuthi, akulona icala lokubulala U-AKA nomngani wakhe kuphela, kodwa kwatholakala ukuthi kunolunye uxhaxha lwamacala ezibhekene nawo, okubalwa awokuzama ukubulala, amane okubulala, ukuphatha izibhamu nezinhlamvu ngokungemthetho kanye nokushushumbisa imali.
