BASALE ENKUNDLENI ABASOLWA NGOKUBAMBA IMOTO YEMALI

LISHONE emini kubasolwa abathathu ebebedubula bebhekise emaphoyiseni eKranskop. ISITHOMBE: FACEBOOK
LINDELWA MAGWAZA
BASALE enkundleni abasolwa abathathu ebebefunwa amaphoyisa ngamacala obugebengu nodlame, laba basolwa kuthiwa badubulane namaphoyisa namuhla eMambulu, eKranskop.
Amaphoyisa athe alunywe indlebe ngendawo abebecashe kuyo abasolwa, athe ngesikhathi efika la abasolwa abahlala khona, bavulela kuqala ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni. “Abasolwa abathathu basale enkundleni ngesikhathi bedubulana namaphoyisa. Amaphoyisa athole izibhamu ezisazohlolwa ukuthi awekho yini amacala ayamaniswa nazo,” kusho uColonel Robert Netshiunda.Uqhube wathi abasolwa bayamaniswa nokugetshengwa kwemoto yemali (CIT), okwenzeka edolobheni eKranskop mhla ziyi-13 kuMbasa kulonyaka.
Uthe kuleso sigameko sokubanjwa kwemoto yemali, abasolwa basolwa ngokudubula bebhekise esiteshini samaphoyisa. “Omunye wabasolwa walimala ngesikhathi kuqhuma imoto yemali, watholakala ngaphakathi kwenye imoto eNkandla ngosuku olulandelayo ngemuva kwesigameko. Amaphoyisa ayaqhubeka nokuthungatha abanye abasolwa ababaleka,” kuqhuba uColonel Netshiunda.
Amaphoyisa anxusa umphakathi onolwazi ngendawo abakuyo abasolwa, ukuthi uxhumane nesiteshi samaphoyisa esiseduze.
