SEBETHOLE AMADLELO ABAKHULULWE I-SUNDOWNS

MABUNHLE MLABA
LIQASHUKILE igoda phakathi kweMamelodi Sundowns noThembinkosi Lorsch kanye noNeo Maema abesebedlale isikhathi eside kuleli qembu laseChloorkop. ISundowns iqinisekise ukushiya kwalaba badlali ngoLwesihlanu yababonga kakhulu ngokusebenza ngokuzikhandla kwabo.
ULorch usesayine ngokugcwele kwiWydad Casablanca yaseMorocco, abekade ebolekiswe kuyona yiSundowns ngesizini edlule elandwe umqeqeshi omkhonze kakhulu uRulani Mokwena.
UMaema wathengwa kwiBloemfontein Celtic eminyakeni edlule kanti yize kuphele isizini elizwa ngendaba ijezi eChloorkop, kodwa ungomunye wabadlali abamqoka esikwatini weBafana Bafana esidlala emqhudelwaneni i-African Nations Championship (Chan).
Kuvela ukuthi leli nxele lizojoyina iSimba SC yaseTanzania eqeqeshwa nguFadlu Davids wakuleli. Uma kugcina kwenzeka njalo uMaema uzohlangana nozakwabo wakudala kwiSundowns uRushick de Reuck.
UMaema ushiye esedlale imidlalo engu 120 washaya namagoli angu 14. Unqobe isicoco seLigi amahlandla amane wanezelela ngendebe yeNedbank Cup, MTN8 neye-African Football League.
Kulindeleke izembe ligadle nakwabanye abadlali njengoba umqeqeshi wayo uMiguel Cardoso engakufihlanga ukuthi ufuna ukwehlisa isibalo sabadlali abaningi kuleli qembu.
