Uncategorised

UQHAKAMBISA UBUCHWEPHESHE BE-BIOCHAR EKULWENI NOKUGUQUGUQUKA KWESIMO SEZULU

IPHINI likaNgqongqoshe uMnuz Narend Singh, ekhuluma ngobuchwepheshe obusha obuyisisekelo sokwakha ikusasa elikwazi ukumelana nokuguquguquka kwesimo sezulu. ISITHOMBE: FACEBOOK

LINDELWA MAGWAZA

IBE eqhulwini eyobuchwepheshe, obukwazi ukumelana nokuguquguquka kwesimo sezulu, lokhu kuvezwe iPhini likaNgqongqoshe wezaMahlathi, ezokuDoba kanye nezeMvelo kuzwelonke uMnuz Narend Singh.

USingh ubevakashele amaphrojekthi aseThekwini, naseMooi River ngaphansi kohlelo lwe-Partnership for Growth (P4G), oluxhasa ubuchwepheshe obusha bokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu.UMnuz uSingh uthe lolu hlelo luthole uxhaso oluvela eDenmark, eSouth Korea naseSweden, ngenhloso yokweseka osomabhizinisi abasafufusa ukuthi baqhamuke nezixazululo ezintsha, zokubhekana nezinselelo zokuguquguquka kwesimo sezulu.

Uthe iphrojekthi ye-biochar eseMooi River iguqula izinsalela zezihlahla zibe umkhiqizo othuthukisa inhlabathi, usize ekuhlanzeni amanzi futhi unciphise ukukhishwa kwe-carbon dioxide. “Sifuna ukuqhubeka nokweseka osomabhizinisi abaqhamuka nezindlela ezintsha zokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu, futhi sibonga abaxhasi bamazwe omhlaba ngokuxhasa la maphrojekthi,” kusho uMnuz uSingh.

Uqhube wathi umnyango uzoqhubeka nokubambisana nabalingani bakuleli nabakwamanye amazwe, ukuze kuthuthukiswe ubuchwepheshe obuvikela imvelo, budale amathuba emisebenzi, buqinise umnotho oluhlaza eNingizimu Afrika.