IZOFIHLWA NGOMGQIBELO INKOSI YAMAGCOKAMA

IZOFIHLWA ngoMgqibelo Inkosi Yamagcokama edlule emhlabeni ngoMgqibelo ebusuku engozini yemoto. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UZOBEKWA endlini yakhe yokugcina ekhaya eMachunwini, eMsinga, ngoMgqibelo, umculi kamaskandi uS’cebi Dlamini obaziwa ngeleNkosi Yamagcokama, odlule emhlabeni ngoMgqibelo engozini yemoto.
Le nsizwa ebisizakhele igama, ebithandwa abantu abaningi ngenxa yephimbo layo elihlukile, izingoma zayo zothando nokuhlala imamatheka ngaso sonke, idlule emhlabeni negidangoma layo uSipho “Gupta” Mchunu, ngesikhathi belibangise eRichards Bay, beyonandisa emcimbini wokuhlonipha abantu besifazane iBasadi Music Festival.
Ngeminye imininingwane emayelana nomgcwabo abantu bangashayela le nombolo engu- 072 1231 233.
