
KUZOXWAYISWA INTSHA NGOBUGEBENGU NGOWAMAHLAYA
AKHONA DLAMINI
I-STHEMBISO Pro Ndlovu Foundation, izokuba esithangami sabezindaba, ngoLwesine mhla zingama 27, ngehora le-12:00, e-INanda FM Studios,ngenhloso yokwethula ngokusemthethweni uhlelo olubizwa ngeFrom Prison to Palace,okuwuhlelo oluqwashisa intsha ngobugebengu nokuyivulela emathubeni angcono.
USthembiso Pro Ndlovu ongusomahlaya waseNanda, okungunye umsunguli walolu hlelo, uthe lugxile kakhulu entsheni esengcupheni yokuthinteka noma yokungena ebugebengwini, ikakhulukazi abafana.
Uveze ukuthi luzonikeze intsha ithuba lokuxhumana nabantu abake baphila impilo yobugebengu kodwa asebeguqukile, osomahlaya nabeluleki bezobuciko, ngenhloso yokukhombisa ukuthi umuntu angashintsha impilo yakhe abe nekusasa elingcono.
