KUKHUTHAZWA ABESIFAZANE UKUTHI BANGENE EZIKHUNDLENI EZIPHEZULU

UCLLR Zama Zulu-Sokhabase ethula inkulumo kwingqungquthela.

IZIHAMBELI nezikhulumi ebeziyingxenye yaleNgqungquthela yabantu besifazane. IZITHOMBE: DDP
NOMCEBO NGEMA
UNXUSA abantu besifazane ukuthi basukume bazithathe babe ngamaKhansela, iziMeya, babe kumakomidi ahlukahlukene omasipala, kulolu khetho lohulumeni basekhaya, oluzoba mhla zizine kuLwezi kulonyaka.
Lokhu kushiwo uKhansela Zama Zulu-Sokhabase, onguSihlalo wezokubhekelelwa komphakathi (Community Services) kuMasipala weTheku, ngesikhathi ekhuluma kwiNgqungquthela yakwa-Democracy Development Program (DDP) eba minyaka yonke ngaphansi kwesiqubulo esithi, Enhancing Transformative Representative of Women in Local Government, ebiseLangeni Hotel, eThekwini.
UKhansela Sokhabase uthe abesifazane abasukume babambe iqhaza kwinhlala kahle yabantu emphakathini, ngoba izinto eziningi ezenzeka emphakathini ziyabathinta kakhulu abantu besifazane.
“Uma kuphele amanzi siyathinteka, uma kungcolile endaweni siyathinteka, ngoba sifuna ukuthi izingane zethu zibe nendawo ehlanzekile ezizodlala kuyona. Uma kungahambeki emgwaqeni siyathinteka ngoba izingane kufanele ziye ezikoleni, ithina kufanele siye emsebenzini. Ngakho ayikho into ekuthiwa ayabathile kuphela. Abesifazane kufanele bangene yonke indawo njengoba noNkulunkulu wasibusisa ngokuthi sikwazi ukwenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa. Esingakuthandi ukuthi kube khona imisebenzi ekuthiwa abakwazi ukungena kuyona. Siyafisa ukuthi abantu besifazane bangene kumahhovisi amakhulu kuMasipala weTheku, ukuze bakwazi ukwenza izinguquko lapho kufanele khona,” kusho uKhansela Sokhabase.
Uqhube wathi abantu besifazane baphiwe ukuthi babe abaholi kusukela ekuzalweni kwabo. Uthe kulolu khetho lohulumeni basekhaya abesifazane abasukume, ngoba bakuphiwe ukuphatha futhi amandla akubona ngaso sonke isikhathi.
“Kwabesifazane abazoqokwa ezikhundleni kufanele bazikhulise ngokomqondo nangayo yonke indlela. Umqondo womuntu wesifazane kufanele usabalale, uma eseqokiwe esikhundleni, ngoba usuke engazimele yena neqembu lakhe, kodwa usuke emele umphakathi. Amakhosikazi awaphumele obala azithathe lezi zikhundla,” kuphetha yena. Kule Ngqungquthela bekunezikhulumi eziningi zabesifazane abasezikhundleni eziphezulu, becebisa izihambeli ngamathuba akhona kwimikhakha eyehlukene okubalwa amabhizinisi, ezepolitiki kanye neminye eminingi.
