ITHEKU NEDILI LENDUMEZULU YEMICIMBI KULE-FESTIVE

ITHEKU lihambe ezinye izifundazwe ngenhloso yokuheha izivakashi kulamaholidi. ISITHOMBE: Durban Tourism.
NOMCEBO NGEMA
BAZOBHEMA bakholwe abathandi bokungcelekeka kanye nobumnandi kulamaholidi okuphela konyaka njengoba eZokuvakasha eThekwini zibophele indumezulu yemicimbi.
Lokhu kuvezwe eZokuvakasha eThekwini, njengoba iTheku lizokuba nemicimbi eyindumezulu okubalwa iQueen Mary 2, Silver Dawn, Azamara Onward neSeven Seas Navigator ezoqopha umlando ishiye izivakashi nemicabango emihle ngaleli dolobha
“Ikhalenda lemicimbi yasehlobo lithembisa wonke umuntu injabulo. Abathandi bomculo bazozitika ngedili lomculo kwimicimbi efana neMetro FM Heatwave, iDubane Summer Break, Gagasi FM Beach Fest, iDurban Fact Rocks ebese kuthi imindeni ethanda ukuba ndawonye yona ithokozele iBotanic Gardens Trail of Lights kanye neminye imicimbi emihle,” kusho eZokuvakasha eThekwini.
Kuzokhumbuleka ukuthi eZokuvakasha eThekwini kade zivakashele ezinye izifundazwe eziseNingizimu Afrika ngenhloso yokukhangisa ngobuhle beTheku, izindawo zalo ezihehayo nosiko lwalapha.
“Lolu hambo lokuheha abavakashi luqale esifundazweni saseMpumalanga, lwaya eLimpopo, lwaya eWestern Cape lwagcina eGoli ngempelasonto edlule. Kulezindawo ebesifikela kuzona bekuba nezinto esizenzayo okubalwa ukunikezela ngolwazi ngezokuvakasha eThekwini, izindawo yobumnandi, imidlalo abavakashi abangayidlala, ukugibela uricksha ubone kahle ubuhle beTheku kanye nezindawo ezinhle zokulala. Konke lokhu sikwenze ngenhloso yokugqugquzela abavakashi ukuthi bazochitha amaholidi abo eThekwini futhi bazi ukuthi iTheku iyonandawo okufanele babe kuyona kulesikhathi sasehlobo,” kuphetha isitatimende.


