Uncategorised

UGREAVER UTHI BAKULUNGELE UKWAMUKELA IZIVAKASHI ELIMPOPO

IZIKHULU zikahulumeni kubalwa uFreddy Greaver nomculi uSho Madjozi. ISITHOMBE: SINDISWA NXUMALO

AKHONA DLAMINI

USIHLALO webhodi leLimpopo Tourism Agency uMnu Freddy Greaver, uthe asemi ngomumo amalungiselelo okwamukela izivakashi ezizovakasha eLimpopo. Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma kwisithangami sabezindaba ebesiseChwebeni leTheku e-9th Avenue Marina, okuyindawo yokudla.

ILimpopo iyona eqokiwe ukuthi ivakashelwe, njengoba kuzobungazwa usuku lwezokuvakasha mhla zingama-27 kuMandulo kulonyaka.

“Ngithanda ukudlulisa ukubonga kuzo zonke izikhulu ezisinike isiqiniseko sokuthi ziyeza eLimpopo kulo nyaka. Ngiyazi ukuthi iKwaZulu-Natal yisona sifundazwe esidume kakhulu ngomculo, nangezindawo ezinhle nezokungcebeleka. Kodwa izinto ziyashintsha kulo nyaka, ngithi wonke amabombo awabheke eLimpopo. Zonke izinto zimi ngomumo sizilindele izivakashi zethu, futhi sizolanda izinkakha ezizozifundisa ngamasiko nangokudla kwethu,” kusho uGreaver .

Uqhube wathi nasemculweni bami ngomumo, njengoba uhlobo lomculo i-Lekompo esungulwe eLimpopo ishisa izikhotha. “Emculweni niyazi ke asicushwa, bakhona oSho Madjozi, Shandesh nabanye abaningi bazonizwisa ulozolo lwezingoma zabo,” kuphetha uGreaver.