KUBOSHWE ABATHATHU NGOKUZAMA UKUNGENA ENGQUNGQUTHELENI YE-SADC NGOKUNGEMTHETHO

UMENGAMELI wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, evula ngokusemthethweni iNgqungquthela iSADC. ISITHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
KUBOSHWE abantu abathathu ngokuzama ukweqa imigomo yokubhalisa nokulawulwa kokungena engqungqutheleni yamazwe asezansi ne-Afrika, iSADC, eThekwini. Abantu ababili okungabase-Democratic Republic of Congo (DRC) baboshwe ngoMgqibelo, mhla ziyi-15 kuNcwaba, ngemuva kwezinsolo zokuthi bazame ukungena eDurban International Convention Centre (ICC), besebenzisa izincwadi zokubhalisa ezazikhishwe egameni lomunye umuntu.
Ngokusho kweNational Joint Operational and Intelligence Structure (NATJOINTS), laba bobabili bamiswa endaweni yokungena ngemuva kokutholakala ukuthi imininingwane yabo ayihambisani nemininingwane esezincwadini zokubhalisa abazivezile. Laba ababili babhekene namacala okukhwabanisa, ukuzenza omunye umuntu nokwephula umthetho iSafety at Sports and Recreational Events Act, ngokusolwa ngokuzama ukungena endaweni evikelekile ngaphandle kwemvume.
Kuphinde kwaboshwa owesilisa waseZimbabwe ekuqaleni kwesonto, ngezinsolo zokuzama ukuthola imvume yokungena ngokuzenza umculi ozocula emcimbini. Lo msolwa ubhekene necala elihlobene nokuba seNingizimu Afrika ngokungemthetho.I-NATJOINTS ixwayise abantu ngokuthi ukwabelana okanye ukubolekana ngezincwadi zokungena angeke kubekezelelwe. Bathe abantu abanemvume esemthethweni futhi ekhishwe ngendlela efanele abazovunyelwa ukuthi bangene e-ICC.
