UTHULI MADONSELA EMBANGWENI WEFA NABASEMZINI

U-ADVOCATE Thuli Madonsela kanye nomyeni wakhe u-Edward Foxton ongasekho emhlabeni. ISITHOMBE: FACEBOOK.
NOMCEBO NGEMA
SISHUBILE isimo phakathi kwalowo owake waba uMvikeli woMphakathi u-Adv Thuli Madonsela nabasemzini wakhe, kulandela ukuthi umndeni wakoboka myeni wakhe ka-Foxton ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke athole ifa lika-R10 million.
U-Advocate Madonsela usembangweni wefa nabakubo kamkhwenyana wakhe ongasekho emhlabeni uMnuz Edward Foxton.
Kuvele ukuthi uThuli useluyise enkantolo lolu daba ephikisa incwadi eyashiwa umyeni wakhe esaphila (i-will) okuyiyona ecacisayo ngendaba yamafa.
Kuthiwa uThuli ufuna kusetshenziswe i-will eyenziwa ngonyaka ka-2020 eyayimnika lonke ifa, ebese kuthi umzukulu ngamunye njengoba beyi-9 bathole imali engango-R100 000., yesibili i-will ithi imali engango-R10 million izoya kuThuli bese kuthi abazukulu baThuli no-Edward bathole u100 000 eyedwa, kuthi imizi iye ezinganeni zika-Edward.
Eyakulonyaka ithi umuzi uzoya kuThuli, abazukulu bathole uR250 000, udadewabo ka-Edward athole uR1.5 million, imizi ewu-2 iye ezingeneni zika-Edward ebese imali esele iya ezinganeni.
UThuli ukhala ngokuthi le-will yokugcina yenziwa umyeni wakhe esebambeke kakhulu futhi kukhona ababemhlohla ukuthi enze izinguquko.
