
U-AYANDA NTANZI UPHIKA EYOMNDENI OBUNGEKHO EMSHADWENI

AYANDA Ntanzi obebopha ifindo likasofa silahlabe noNksz Gcina Zungu, ophika eyokuthi umndeni ubungekho emshadweni. ISITHOMBE:AYANDA NTANZI
OWAMI THABETHE
UMCULI wokholo u-Ayanda Ntanzi, uphika eyokuthi ubungekho umndeni wakhe emshadweni, ngesikhathi bebopha ifindo likasofa silahlane noNkk Gcina MaZungu, waseMtubatuba.
Lo umshado ka-Ayanda obungoMgqibelo, ezinkundleni zokuxhumana nakumaphephandaba, kuvele ukuthi ubengawazisanga umndeni wakhe.
Lesi sihlabani somculo wokholo, sibe sesicacisa ukuthi umndeni waso kubekhona, obengaphumelelanga yedwa vo.
“ Umama washiya izingane ezimbili mina nodadewethu uBuyisile. Endlini yakwethu kaMapetshisi singabazukulu nesizikulwane cishe singaphezulu kwa-25, bonke bebekhona emshadweni ukuzobungaza kanye nathi”, kulandisa u-Ayanda.
Uthe ukhuliswe ngezandla ezinothando zodadewabo kanina noninamalume ababili, wathi bonke abomndeni wakhe obekumele babekhona ukuzothamela umcimbi wakhe bebekhona, okubalwa nomndeni wakubo yise.
Lokhu kucacise bha ukuthi lowo mndeni ebekukhulunywa ngawo okuthiwe umangele, okusho ukuthi awusiwo wakhe.
