
UMKHWANAZI UFUNA KUHLOLISISWE IZIMANTSHI EZISEBENZISANA NEZINSWELABOYA

UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uGeneral Lt Nhlanhla Mkhwanazi, ngesikhathi kuqhubeka iKhomishana kaMadlanga, eGoli.
ISITHOMBE: EZIVUTHAYO TV
OWAMI THABETHE
UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ucele ukuba kuhlolisiswe kabanzi izimantshi ezimele abasolwa, njengoba esola ukuthi ezinye zazo zithola imali emaqenjini ezigebengu.
UMkhwanazi uthe iLegal Practice Council kufanele ihlole izimantshi ezinamakhasimende, abonakala engakwazi ukuzikhokhela izindleko zezomthetho.
UMkhwanazi uphinde waveza ukukhathazeka ngezimantshi ezisebenzisa ama- akhawunti okugcina imali (trust accounts), ukwamukela izimali zamakhasimende, waphinde wasola ukuthi abantu abavelele abavela phambi kwezinhlaka ezahlukene, babemelwa ngabameli abakhulu abanezindleko ezazikhokhelwa ngabanye abantu.
“Ngiyazi ukuthi kukhona oGeneral abasembuthweni wamaphoyisa, kodwa abakhule beyingxenye yezinswelaboya, namhlanje sebesebenza njengamaphoyisa. Ungamthemba kanjani umuntu onjalo ukuthi angafika nezixazululo” kusho uMkhwanazi.
