Uncategorised

UKHAWULA UNCOME INKAMPANI IJOMA

ICHONYWE uphaphe legwalagwala inkampani iJoma Sports SA, ngeqhaza lokuthuthukisa ezemidlalo ezikoleni.
ISITHOMBE: Sports, Arts & Culture

MALIBONGWE MAZIBUKO

UKWENZA kahle emphakathini kweJoma Sports SA, ngokuxhasa izinkampani eziningi nezikole, kuholele ibekwe phambili njengenkampani eklama indima enkulu ekuthuthukiseni ezemidlalo eNingizimu Afrika.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, ochome lenkampani uphaphe lwegwalagwala , ngesikhathi iyonikela ngezinsiza ezikoleni okubalwa iDavid Mkhize Primary School naseMpolweni Secondary School.

“IJoma Sport SA ibamba iqhaza elikhulu ngokutshala imali, ngenhloso yokuthuthukisa ezemidlalo emazingeni aphansi, nokweseka abafundi abavela emiphakathini entulayo,” kubeka uKhawula.
Uthe ubudlelwano phakathi kukahulumeni nezinkampani ezizimele kubalulekile, kuqinisekiseni ukuthi intsha ithola amathuba nezinsiza ezifanele zokuthuthukisa amakhono ayo.
Lenkampani inikele ngezinsiza zemidlalo kanye nezingubo zokugqoka kubafundi base David Mkhize Primary School kanye nase Mpolweni Secondary School emcimbini wokunikezelwa kwezinsiza obuhlose ukukhuthaza intsha kwezemidlalo