Ezobumnandi

AMABLUE NATION ACELE UKHUZANI AHOXE NGOXHASO LOMUZI KASCEBI

UMCULI waMaskandi uKhuzani Mpungose. ISITHOMBE: FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

ABALANDELI bomculo kamaskandi uKhuzani
‘Indlamlenze’ Mpungose, bacele ukuthi ahoxe ekubeni phambili ekugqugquzeni ukuqedelwa komuzi kaScebi ‘Inkosi Yamagcokama’ Dlamini, kulandela ekutheni achashwe ngezinhlamba ezinkundleni zokuxhumana.

AmaBlue Nation afake isicelo sokuthi ahoxe, ekuxhaseni umsebenzi wokuqedela umuzi kaScebi Dlamini, Inkosi Yamagcokama.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uThabani Hlatshwayo ekhale ngemali yesoso ezinkundleni zokuxhumana , esola uKhuzani noVezokuhle Nala ongumphathi waMathole Funerals ngokuthi imali ayizange ifinyelele emndenini wakwaDlamini.

AmaBlue Nation athi uKhuzani usephenduke isisulu sokulandelwa izinkulumo ngezenzo zakhe zokuzama ukusiza, nokuthi uma izindaba ezinjengalezi ziqhubeka kungase kuvele ezinye izinkulumo ezizomdalela ingcindezi. Yingakho bemcele ukuthi ahoxe ukuze kunqandwe lokho abakubiza ngokuxokozela.

Ukukhathazeka kwamaBlue Nation sekufinyelele kuKhuzani, kidwa ubengakaphawuli ngalolu daba.
Abanye bamnxuse ukuthi angahoxi ekusizeni umndeni wakwaDlamini, bethi umndeni ngokwawo awukaze ukhononde ngaye.
Bamcela ukuthi aqhubeke nesithembiso asenza kwaDlamini sokubasiza ngemali yeMpucuzeko.