
I-DA YAMUKELE AMALUNGU AMASHA EMHLASINI

I-DEMOCRATIC Alliance yamukele amalungu amasha eMhlasini, ngesikhathi iqhubeka nomkhankaso wokwandisa ukwesekwa eThekwini.
ISITHOMBE:FACEBOOK
LINDELWA MAGWAZA
BANGAPHEZU kuka-20 abantu, okuhlanganisa nogogo oneminyaka engu-80 ubudala, bajoyine iDemocratic Alliance (DA), eMhlasini ngoLwesine, bethi benze lesi sinqumo ngoba befuna ushintsho, amathuba emisebenzi, ukuphepha nezinsiza.
Lokhu kwenzeka ngesikhathi leli qembu, liqhubeka umkhankaso walo wokwandisa ukwesekwa ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya, oluzoba mhla ziyi-4 kuLwezi. UHaniff Hoosen okufolweswe ngaye kwesobumeya eThekwini , uthe ukwanda kwabantu abajoyina leli qembu kukhombisa ukuthi abahlali bafuna ikusasa elihlukile.
“Abantu benza ukukhetha okuqondile nogokucabangela ikusasa labo,” kusho uHoosen.
Uthe intsha iya ngokuya ijoyina i-DA ngoba ifuna amathuba emisebenzi, imiphakathi ephephile nezinsiza zikamasipala ezithembekile.
“I-DA izibophezele ekukhuliseni umnotho, ekudaleni amathuba emisebenzi nasekuthuthukiseni ukuhlinzekwa kwezinsiza eThekwini.
Amalungu ayi-500 abekade engamalungu e-ANC, ajoyine leli qembu eMarianhill, kwathi amanye ayi-115 avela KwaNdengezi, eNewlands nasezindaweni ezizungezile nawo ajoyina. Amakhansela amabili e-ANC, uMarco Mbambo waseWard 8 noDavid Ngubane waseWard 16, nawo ajoyine i-DA. Lezi zinguquko zikhombisa ukwanda kokwesekwa kwe-DA eThekwini,” kusho uHoosen.
Uthe lo
mkhankaso uzoqhubeka ngeSonto eCato Crest naseKwaNdengezi.
