Uncategorised

UBEYIMPUMELELO OWESIBHAKELA SABESIFAZANE

BASHAYANE bazebabukana abashayi sibhakela besifazane kumqhudelwano we-All Female Boxing.
ISITHOMBE : All Female Boxing

MALIBONGWE MAZIBUKO

UBE YIMPUMELELO umqhudelwano wesibhakela wabesifazane i-All Female Boxing Tournament, eBruntville Hall lapho izimbangi zabesifazane zikhombise khona amandla, ikhono nokuzimisela eringini.

Lo mdlalo owabhuntsha ngosuku kwakufanele ube ngalo ngonyaka owedlule, kulandela ukuthi abaphathi besibhakela KwaZulu-Natal, bathi abahleli bawo, kabazange bayilandele yonke imigudu, kodwa kulonyaka inhliziyo igxume nephaphu kubalandeli, njengoba konke kuhambe ngononina.
Lo mcimbi ubuhlanganise abalwi abavela ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal, kanti abalandeli besibhakela bathole umdlalo oshubile ogcwele izimpi ezithokozisayo, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.
Empini yokuqala, u-Ayanda Ndonyela unqobe ngo-wpts emizuliswaneni emine ebhekene noNolwazi Myingwa esigabeni seSuper Middleweight. Umdlalo olandelayo kube uLethukuthula Sibisi onqobe ngeTKO emzuliswaneni wesithathu, ebhekene no-Anoyolo Qawule, okhombisa amandla amakhulu eringini. Empini yesithathu, uNolwazi Mabaso uphumelele ngesikhathi ebhekene noMisiwe Ndlovu esigabeni seFeatherweight.
Kulandela impi eshubile phakathi kukaMapule Ngubane noWendy Gcado esigabeni seSuper Middleweight, lapho uNgubane ephumelele khona, ngesinqumo esihlukanisiwe emizuliswaneni eyisishiyagalombili, kodwa impi ebibhekwe kakhulu kube eyenzeke phakathi kukaNobengazi Booth waseMgungundlovu (eThendela, eMooi River) noNoxolo Mkhasibe waseThekwini (eLamontville, eThekwini) esigabeni seJunior Middleweight. UBooth uphumelele ngeTKO emzuliswaneni weshumi, wagcina ethatha ibhande lobuqhawe futhi waba yiKZN Junior Middleweight Champion entsha.
Empini yokugcina yalobo busuku, uNonkululeko Mncube uvikele ngempumelelo isicoco sakhe seKZN Junior Bantamweight ngesikhathi enqoba uThema Zuma ngamaphuzu emizuliswaneni eyishumi. Lo mcimbi ukhombise ngokusobala ukukhula nokuthuthuka kwesibhakela sabesifazane esifundazweni, lapho abalwi bekhombise khona amakhono abo phambi kwabalandeli abebegcwalise inkundla.