Ezobumnandi

USGWEBO UKHALE NGOKUSHAYWA NGESITHENDE UMCINEKA

UMCULI kaMaskandi uSgwebo seNtambo.

UXOLANI Mcineka umhleli weMpucuzeko. IZITHOMBE:FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

ABE indida amazwi ashiwo uSgwebo Sentambo abewabhekise ngqo kuXolani Mcineka, ongumhleli womcimbi weMpucuzeko neNgoma Kazwelonke.Lawa amagama abeyizigaxa uSgwebo uwasho eqeda kunandisa emcimbini weMpucuzeko obubanjelwe eMoses Mabhida, ngoMgqibelo.

“Kunabantu abangixoshise kwiNgoma Kazwelonke, wavuma Mcineka ekubeni ngiyisungule nawe iNgoma Kazwelonke, uyavuma bengiqhathe nawe. Kulungile Mcineka mfwethu, ezami izingane azilambe zidle ezenu. Kungile bafwethu into ebengiyizele la, bengizonika uSaliwa ibhande lakhe, angisafune kuqashwa,” kusho uSgwebo.USigwebo uwasho embheke ngqo Mcineka, okusolakala ukuthi washaya ngesithende uMcineka ngesikhathi isichuma ingoma kazwelonke.