UNTULI UFUNA UKUQINISEKISA UKUPHEPHA KWAMAKHOSI

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
IBISEQHULWINI eyokuphucula inhlalo yamakhosi nokuphepha kwawo.
Lokhu kuvezwe uNdunankulu wakwaZulu-Natal ngesikhathi enesidlo sakusekuseni namakhosi, ekwihotela eligudle ulwande eLangeni, namuhla.
“Nginesifiso sokuthi izinkantolo zamakhosi zibe nemoto eyodwa okungenani eqhamuka kuhulumeni. Kuqinisekiswe ukuphepha kwamakhosi ngokuthi akhelwe imizi ebiyelwe ngendlela eqinisa ezokuphepha. Inkosi nenkosi ibe nomqaphi noma oyedwa okungenani,” kubeka uNdunankulu uNtuli.
Uthi amakhosi kufanele anikwe isithunzi esiwafanele, wabonga nendima eklanywa amakhosi nezinduna emphakathini.
Kulesi sidlo kuphindww kwahlonishwa amakhosi nezinduna ngezitifiketi.
UNdunankulu uNtuli ubahamba noNgqogqoshe uMfu Thulasizwe Buthelezi, ohola uMnyango wezokuBusa ngokubambisana neziNdaba zoMdabu.


