
KUKHUTHAZWE IZINTOMBI-NTO ZASE-MPUKUNYONI NGOZIPHATHA

UNDLUNKULU uKaMdolomba obeyisihambeli salo mcimbi i-Operation Siyaya eMhlangeni.

IZINTOMBI ebezihambele lo mcimbi. IZITHOMBE:INKOSI MTUBATUBA MUNICIPALITY
AKHONA DLAMINI
KUGQUGQUZELWE ukuzihlonipha nokuphatha kahle, kwezintombi zaseMpukunyoni eMtubatuba, ngesikhathi kunomcimbi i-Operation Siyaya eMhlangeni, obuseNordale Sports Ground, lapho izintombi “nto” ziphume ngobuningi bazo.
IMeya kaMasipala wase-Inkosi Mtubatubauthe lo mcimbi uhlose ukukhuthaza izintombi ngokubaluleka kokuzigcina, ukuziphatha kahle nokuhlonipha, njengoba amabombo ebheke eMkhosini woMhlanga ngenyanga ezayo.
“Siyabonga ngokuhambela kwenu umcimbi weNkosi noNdlunkulu, ngoba akusiwo owethu. Sinxusa ukuthi uma sekuyiwa eMkhosini woMhlanga niphume ngobuningi benu niyosimela,” kusho uMeya uMthethwa.
UNdlunkulu weSilo, uKaMdolomba, obeyisihambeli esihloniphekile kulo mcimbi, naye ugcizelele ukubaluleka kokuzigcina nokuziphatha ngenhlonipho.“Ukuzigcina kwenu kubalulekile futhi kuphinde kuhambisane nenhlonipho. Uma nihlonipha, niphinde nizihloniphe nina uqobo nabantu bazonihlonipha,” kusho uNdlunkulu.
INkosi yakwaMpukunyoni income uMasipala oholwa iMeya uMthethwa ngokuhlela umcimbi osezingeni eliphezulu, yathi imicimbi efana ne-Operation Siyaya ibalulekile ekugqugquzeleni intsha, ikakhulukazi izintombi, ukuthi izigcine futhi ihloniphe amasiko.
