Uncategorised

KUSOLWA UKUDAYISWA KWEMISEBENZI EMAPHOYISENI KAMASIPALA

LINDELWA MAGWAZA

ZIYAQINA izinsolo zokudayiswa kwemisebenzi emaphoyiseni kaMasipala waseThekwini, ngemali elinganiselwa kuR20 million phakathi konyaka ka-2025 no2026, kulandela umbiko wophenyo lwe-forensic okusolwa ukuthi uveza ukuthi abantu babekhokha imali ephakathi kukaR5 000 noR50 000 ukuze bathole imisebenzi.

Lo mbiko, ohlanganiswe Isiqu Forensic Accountants, kuthiwa wethulwe kuMphathi kaMasipala weTheku mhla ziyi-29 kuNhlangulana 2026. UHaniff Hoosen ogaqele isikhundla sokuba yiMeya yeTheku ngaphansi kwe-Democratic Alliance, uthe ufuna kuthathwe izinyathelo uma kukhona abazotholakala benecala.
I-DA ithe ifuna ukuthi kumiswe emsebenzini noma kuthathwe izinyathelo ezifanele, kulabo abangatholakala besebenzise kabi izikhundla zabo.

NgokukaMnuz Hoosen, ukuqashwa emaphoyiseni kaMasipala kufanele kusekelwe ekhonweni, ekwethembekeni nasekuzinikeleni ekuvikeleni umphakathi.

“Iphoyisa likaMasipala kufanele liqashwe ngenxa yekhono, ukwethembeka nokuzinikela ekuvikeleni umphakathi, hhayi ngoba likwazi ukukhokha izinkulungwane zamarandi ukuze lithole umsebenzi, ” kusho uHoosen.