
KUGQUGQUZELWE UKUGONYWA KWAMAKATI NEZINJA UKUVIKELA AMARABI AHLASELE
OWAMI THABETHE
UMASIPALA
weTheku uqinise imikhankaso yokugoma izilwane ezifuywayo nezinhlelo zokuqwashisa imiphakathi ngamarabi nokubaluleka kokugonywa kwezilwandle okubalwa amakati nezinja, kulandela ukufa kwabantu eMfume naseMnini, lapho abantu belunywe yizinja ezinamarabi.
UMnuz Sibusiso Mchunu, ohola umkhankaso amarabi, uthe umphakathi awukhuthalele ukugoma izilwane, ukuze kuvikelwe amarabi, ngesikhathi ekhuluma kwiComnunity Media Forum, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu.
“Uma ulunywe noma uklwebhwe yinja okanye ikati, geza ngokushesha ngamanzi agelezayo nensipho. Uphuthume emtholampilo ukugwema ukusabalala kwegciwane lamarabi, ngoba leli igciwane liyabulala,” kusho uMnuz Mchunu.
Uthe umphakathi awubike ngezilwane ezisolisayo, ikakhulukazi uma zinolaka.
Uveze ukuthi amarabi ngokuvamile asakazwa ngokulunywa noma ngokuklwejwa yisilwane esinalesi sifo, izinja namakati , kanti yisifo esigwemekayo kodwa esibulalayo.
