
UMNDENI USATHUKILE NGOBULAWELE UMDLALO WAMANZI

UTSHEPANG Nyathi oshone kudlalwa umdlalo kwamanzi eTshwane. ISITHOMBE:FACEBOOK
UMNDENI kaTshepang Nyathi (21) ogwazwe wabulawa ngosuku lwe-Spring Day, uthe usathukile namanje ukuthi umdlalo wokuthelana ngamanzi ubungaze ukhiphe isidumbu.
Lesi
sigameko senzeke ngoMsombuluko mhla lulunye kuMandulo 2026 e-Ext 3, eRefilwe, eCullinan, ngasePretoria. Ngokombiko wamaphoyisa, iqembu lentsha beligubha i-Spring Day, ngokuthela ngamanzi abantu abahamba emgwaqeni, kwase kuqubuka ingxabano ngesikhathi bezama ukuthela indoda eneminyaka engu-53 ubudala, okuthiwa ingumakhelwane kaTshepang.
Kuleyo ngxabano, le ndoda kuthiwa igwaze uTshepang ngommese esifubeni yabe isibaleka.
UMonino Nyathi, ongubabekazi kaTshepang, uthe ugijime waya endaweni yesigameko wamthola elele phansi egcwele igazi, esaphefumula. “Sithe masifika endaweni yesigameko safica uTshepang elele edamini legazi. Sizamile ukuthola i-ambulensi ngocingo kodwa yangaphumelela imizamo” kuchaza uMonino.
Kusize imoto ebidlula okuyiyona emhambise e-Refilwe Clinic, lapho udokotela amhlonze njengoseshonile.
“Ngisamangale ukuthi ufike kanjani esinqumweni sokukhipha ummese, agwaze ingane enhliziyweni ayishiye ifile ngomdlalo nje wamanzi,” kusho uMonino.
Uveze nokuthi ezinye izingane zimtshele ukuthi empeleni akusiye uTshepang othele umakhelwane ngamanzi.
Ngemuva kokuthi egwaze uTshepang, amalungu omphakathi abambe, amshaya ngaphambi kokufika kwamaphoyisa.
Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseCullinan ngecala lokubulala.
