UMAYIKAYIKA AMADIVOSI U-LEBO M

LEBO M nengodudo yakhe asebehlukene.
MABUNHLE MLABA
USEPHINDE adume ngakho umqambi wezingoma uLebo M ngokudivosa omunye owesifazane abesanda kumshada.
Sekuvele ukuthi lo mlisa ongomunye wabaqondisi beLion King edlala eDisney, usehoxise isethembiso somshado noMalefu “Mel” Ntsala.
Lokhu kwenzeka nje kusaphele izinyanga ezintathu vo bethembisane umshado eDubai.
Imithombo esondelene nalaba itshele iTimes Live ukuthi ubudlelwano “bebunesikhathi eside buntengantenga,”.
Lezi zindaba zimangaze abalandeli abebegubha uthando lwalaba bobabili abaluvuselele ekuqaleni konyaka.
ULebo M (57) noNtsala sebethembisane.
Lo mlisa, ogama lakhe langempela uLebohang Morake, usezakhele udumo ngokuqhulula amadivosi nokuhlukana nabesifazane anezingane nabo.
Phakathi kwabanye abesifazane ayethandana nabo kodwa kwaphela kubalwa noZoe Mthiyane ongumlingisi owake wabonakala kwiGenerations:The Legacy. Banendodakazi kanti uZoe wake wathandana nomethuli wezinhlelo zezemidlalo uRobert Marawa anendodana naye.
