
UNTULI UKHALA NGABATHIPHISA ABAQASHI UMA KUZOGASELWA EMAFEMINI
OWAMI THABETHE
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, ufuna kutholwe izimpimpi ezisabalalise imniningwane yohlelo lokugasela emafemini aseMandeni kungazelele muntu, ngenhloso yokubhekana ukuqashwa kwabokufika kuleli ngokungekho emthethweni.
UNtuli ukusho lokhu ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso ‘Engangeni Ngesango Iyafohla’ ngoMsombululo mhlaka 7 kuMandulo 2026 kwaSithebe, eMandeni.
UNdunankulu uzwakalise ukukhathazeka ngokungathembeki kwabantu, okungenzeka ukuba basemnyangweni wakhe noma emaphoyiseni, ukuthi baxwayise abaqashi ukuthi kuzofika ithimba elifuna amafemu aqasha abokufika abakuleli ngokungemthetho.
“Kukhona abantu abasondelene nathi abazi konke, esisola abafumbathiswa imali ukuze bathiphise abaqashi uma sizogasela. Sibone ngokufika kwethu izisebenzi sezigcwele umgwaqo, amasango esevaliwe ukuthi kukhona okushaya amanzi”, kusho uNtuli.
Omunye wabasebenzi ongafunanga ukudalulwa, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, ukuqinisekisile ukuthi bakhona abantu abathiphisa abaqashi mayelana nalomkhankaso
“Sitshelwe ekuseni sifika ukuthi masibuyele emakhaya singazi konakalephi, sase sitshelwa omunye wabaphathi ukuthi kuza amaphoyisa”, kuchaza umsebenzi.
UNtuli uthe kabapheli moya, basazophinde babuye begasele futhi eMandeni, ngoba kukhomba ukuthi lukhulu olonakele kule ndawo futhi ngokuzayo ngeke batshele muntu.
