Izindaba

ABANEWABO BESILO ABABONAKALANGA NGALUKHALO KOWOMHLANGA

ZETHU PHOSWA

KUVUSE imibuzo eminingi kubantu ukungabonwa nangokhalo kwamazinyane eSilo esabuzayo uZwelithini kaBhekuzulu, eMkhosini woMhlanga obusesigodlweni seSilo uMisizulu KaZwelithini, eMachobeni eNgwavuma.

Inkulumo eqoshiwe kaMntwana uBukhosibemvelo, obephawula ngokuziphatha kondlunkulu kulo mkhosi, ekubeni kade engelubhadanga kanye nabanewabo.

“Abanayi beSilo ikakhulukazi abaKwakhangela abasabonakali eMkhosini yaseNdlunkulu. Lokhu kuyasikhathaza ngoba kuveza ufa noqhekeko kwabeNdlovu. Kwenza kube nokuqagela ukuthi abaNtwana beNgonyama abakathelelani amanzi namanje,” kusho umthombo.