Izindaba

KUSHONE ONOGADA KUPHANGWA IMOTO YEMALI ESIGODLWENI SESILO

OWAMI THABETHE

KUBULAWE abantu ababili abagada imoto yemali, ngesikhathi betholana phezulu nezigebengu ebezibamba imoto yemali,
kwaKhangelamankengane, kwaNongoma, ngoMsombululo ntambama mhla ka-7 kuMandulo.
Kulesi sigameko zihlulekile ukubaleka izigebengu, amaphoyisa azihlala ezithendeni zabanjwa zaboshwa. Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yakwaNongoma ngesonto elizayo.
Lesi sigameko senzeka okwesibili kulo nyaka, njengoba ezinyangeni ezedlule kwabanjwa kwaqhunyiswa imoto yemali esikoleni iKitakita Primary School esakhelene naso isigodlo sakwaKhangela.