
I-SAPS ISOLWA NGOKUQASHWA KWABANSUNDU KUPHELA
OWAMI THABETHE
AMAPHOYISA aseNingizimu Afrika (SAPS), azichithile izinsolo zokuthi iqoqo lakamuva eliqeqeshwayo emaphoyiseni liqukethe abantu abamnyama kuphela.
Lokhu kuza ngemuva kwezikhalo ezisabalale kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, lapho abanye beveza khona ukukhathazeka ngokuthi kungani kuqashwe abantu abamnyama kuphela, zingabonakali ezinye inhlanga
zaseNingizimu Afrika.
Esitatimendeni esikhishwe i-SAPS ngoLwesithathu mhla ka-9 kuMandulo, sithe ithole izicelo ezingaphezu kwesigidi ngesikhathi sokuqashwa, futhi iningi lazo livela kubantu abamnyama. Ngokwalesi esitatimende bonke abaqokiwe badlule ezigabeni ezahlukene, okubalwa kuzo ukuqinisekiswa kwezincwadi zabo zokushayela, ukuhlolwa kwengqondo, ukuqina komzimba, ukuhlolwa kwezempilo kanye nokubhekwa kobuqotho bomuntu.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Athlenda Mathe, ukhuthaze abantu bezinye izinhlanga ukuba nabo bafake izicelo uma kuvulwa amathuba okuqashwa ngokuzayo.
“i-SAPS isazibophezele ekuqinisekiseni ukuthi ukuqashwa kwenziwa ngendlela enobulungiswa, esobala nebandakanya wonke umuntu.” kuchaza uMathe.
