
INDIDA NGOBUKHOSI BUKA-MANCINZA ENGENISWA ESIBAYENI

INKOSI uMalusi Zondi neNkosi yaKwaMpumuza eMgungundlovu, ngesikhathi kuqhubeka umcimbi wokungeniswa esibayeni.
IZITHOMBE: EZIVUTHAYO Matupaland
OWAMI THABETHE
KUVUKE imibuzo ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukungeniswa kweNkosi uMalusi Zondi esibayeni emzini wakubo eMzinyathi mhla ziyi-4 kuMfunfu. INkosi uZondi yenze umcimbi wokungeniswa eSibayeni, ingeniswa iNkosi Zondi yaKwaMpumuza, okuyiyona esele endala kwaZondi. Iso leNdlulamithi, uShansela uZondi, liqhamuka ebukhosini bakwaZondi eMsinga.
Abanye babuza ukuthi uZondi ungeniswa kanjani eMzinyathi ekubeni kule ndawo kubusa iNkosi yaMaqadi, uMqoqi kaMzonjani Ngcobo.
“UZondi uyinkosi yesiphi isizwe futhi ubusa kuphi njengoba singaziwa isizwe sakwaMancinza asiholayo”, kubuza abantu.
Kuphinde kwaphakanyiswa umbuzo wokuthi uMalusi Zondi angaba kanjani yiNkosi ngaphezu kukayise, ekubeni kubikwa ukuthi uyise akakaze abe yiNkosi, futhi ubekhona ezothamela lomcimbi.
Ngokomthetho, umuntu obekwa ukuba inkosi ekwaZulu unikwa isitifiketi undunankulu wesifundazwe. Kodwa kulo mcimbi kaNondaba asibonakalanga isitifiketi noCogta akabonakalanga.
Leli phephandaba lizamile ukuthinta iNkosi uZondi, kodwa yalalela imibuzo yentatheli, wabe esethi akulona icingo lweNkosi uZondi kodwa ngolukamfowabo.
