
UMSINDAZWE UVEZE UKUJULA NOKUJIYA KOMLANDO WOMHLANGA

INYOSI uBuzetsheni Mdletshe, echome uphaphe lwegwalagwala iSilo esabuzayo uZwelithini kaBhekuzulu, ngokuvuselela uMkhosi woMhlanga. ISITHOMBE: ZETHU PHOSWA

ISILO esabuzayo uZwelithini KaBhekuzulu. ISITHOMBE:INDLUNKULU

INDLOVUKAZI uMantfombi ozala iSilo esibusayo uMisuzulu kaZwelithini

UMNTWANA wakwaPhindangene uDkt Mangosuthu Buthelezi. ISITHOMBE: INDLUNKULU
AKHONA DLAMINI
INYOSI ichome uphaphe legwalagwala iSilo uZwelithini kaBhekuzulu, iNdlovukazi ezala iNgonyama ehlezi esihlalweni uMisuzulu kaZwelithini noMntwana wakwaPhindangene ngeqhaza labo ekuvuseleni uMhlanga, ngesikhathi ihambele uMkhosi woMhlanga walo nyaka esigodlweni eMashobeni mhla ziyi-12 no-13 kuMandulo.
INyosi yeSilo esabuzayo uZwelithini kaBhekuzulu, uBuzetsheni Mdletshe, ithe amagalelo alaba bobathathu, aba makhulu kakhulu ekuvuseleni uMkhosi woMhlanga nokuthi uze ufinyelele ezingeni osukulo namhlanje.
“Kwathi ngonyaka ka-1984 kuvuselelwa lo uMkhosi woMhlanga. ISilo uZwelithini KaBhekuzulu, iNdlovukazi kanye noMtwana wakwaPhindangene, bavele bawuthatha bawengamela ngokubambisana lo mkhosi. Ngaleso sikhathi, uMtwana wakwaPhindangene wayeqhoqhobele isikhundla sokuba u-Chief Minister. Uma ubheka ubungako balo mkhosi kulesi sikhathi samanje uyabona ukuthi impela benza umsebenzi oncomekayo. Bashiya ifa elingasoze lathathwa inoma ngubani. Bakubeka obala ukuthi uZulu isizwe esingahlulwa lutho, sahlula ngisho amaNgisi empini yaseSandlwana,” kubeka uMdletshe.
Uqhube wathi kuyintokozo enkulu kuyena, ukuthi nakulokhu usakhona ukuzibonela ngawakhe izinga uMkhosi woMhlanga osukulo.
“Ngiyathokoza kakhulu ukuthi ngisakhona ukubona uMkhosi woMhlanga namanje, njengoba nonyaka usugubha iminyaka engama-42 wavuselelwa. Impela ngiyambonga uNkulunkulu kanye neNgonyama ebusayo ukuthi ingachithi lutho kwelufice lukhona. Njengoba neNcwadi eNgcwele ithi ningazisusi izikhonkwane, abadala abazimisile,” esho.
