Izindaba

UGABRIEL USHIYE NGENXA NGOKUBHACAZA KWI-RICHARDS BAY

MALIBONGWE MAZIBUKO

IRICHARDS Bay FC isimemezele ukuhlukana nomqeqeshi, uRonnie Gabriel, osule esikhundleni sakhe ngokushesha.
Lesi sinqumo siqinisekiswe yiqembu esitatimendeni esikhishwe ngoLwesithathu, mhla ziyi-17 kuMandulo 2026.

“UGabriel ubeyingxenye yeqembu iminyaka eminingana, lapho esebenze khona njengelungu lethimba labaqeqeshi ngaphambi kokuthi abe ngumqeqeshi omkhulu” ngokusho kwesitatimende.

IBay imbongile uGabriel ngokuzinikela, ubungcweti negalelo lakhe ngesikhathi sakhe kule kilabhu.

Iqembu lizomemezela umqeqeshi omusha ngesikhathi esifanele.
Lomqeqeshi ushiya nje iqembu lihlezi endaweni yesi-14 kwi-log yeBetway Premiership, ngamaphuzu amathathu emidlalweni eyisithupha. Ngaphansi kwakhe aliwinanga nowokubika umdlalo kule sizini.