
KUQWASHISWE NGE-ALBINISM KOWE-THEKU

UGUGU Majola onebala elimhlophe (albinism) obeqwashisa ngokuthi abantu abanebala nabo bangabantu. ISITHOMBE : ZETHU PHOSWA
AKHONA DLAMINI
BAPHUME behlome ngolwazi olunzulu abebethamele umhlangano owaziwa nge-EThekwini Community Media Forum, obungoLwesithathu mhla zingama-23 kuMandulo eBotanic Gardens.
UNksz Gugu Majola, waseMaphephetheni, uqwashise imiphakathi, ngokubaluleka kokuphathwa kahle kwabantu abane-albinism.
UGUGU uthe abantu abakuqonde ukuthi kungamampunge ukuthi, abantu abanebala bayingcebo, okanye bayaduka abashoni nokuthi bangumuthi owelapha izifo ezithile, kodwa abaqonde ukuthi bangabantu njengendawo wonke umuntu.
“Kudala uma umama eshadile ethola umtwana onebala elimhlophe wayesolwa ngokuphinga. Kanti akunjalo, uma abashadikazi bethola umtwana one-albinism lokho kusuke kudalwe ukuthi ulibofuzo lusuke luqhamuka kubona bobabili. Kunezinkolelo ezithi thina asishoni kodwa sinyamalala okuyinto engelona iqiniso. Okunye futhi ukuthi izicubu zomzimba wethu zingakwenza isicebi sangunaphakade, nakho lokho akulona iqiniso futhi akusoze kwaba iqiniso,” esho.
UMajola ugcizelele ukubaluleka kokufundisa umphakathi, ukuze kuqedwe izinkolelo ezingamanga nokucwaswa kwabantu abanebala elimhlophe
