Izindaba

KUBULAWE OWESIFAZANE ESITESHINI SAMABHASI EMTUBATUBA

KUDUTSHULWE kwabulawa owesifazane esiteshini samabhasi eMtubatuba.

IMeya kaMasipala wase-Inkosi Mtubatuba uCllr Mxolisi Mthethwa, ukhathazeka ngokuphepha ngemuva kokubulawa kowesifazane.ISITHOMBE: INKOSI MTUBATUBA MUNICIPALITY

LINDELWA MAGWAZA

KUGXEKWE ukudutshulwa kubulawe owesifazane esiteshini samabhasi eMtubatuba, namuhla ngoMsombuluko, odutshulwe amahlandla amaningana ekhanda, washonela khona endaweni yesigameko.
Lesi sigameko senzeke endaweni yomphakathi egcwele abantu, nokushiye umphakathi ukhathazekile ngokuphepha enkabeni yaseMtubatuba.

IMeya kaMasipala Inkosi Mtubatuba uCllr Mxolisi Mthethwa, isigxekile lesi sigameko, yathi ukubulawa komuntu emini ka bha, esidlangalaleni, okuyinto eyisihluku nengamukelekile.
“Ngishaqeke kakhulu futhi ngiphazamisekile ngalokhu kubulawa ngesihluku okungaka. Kwenzeke endaweni yomphakathi bematasa, lokho engikhathaza kakhulu. Sifuna abomthetho baphenye bathole ukuthi kwenzekeni nokuthi abathintekayo babhekane nomthetho,” kusho iMeya.

Inxuse umphakathi ukuthi ubambisane namaphoyisa, futhi udlulisele noma yiluphi ulwazi olungasiza ekutholeni abasolwa.

UMthethwa uthe bazoqhubeka nokusebenzisana neziphathimandla zomthetho, ukuqinisekisa ukuphepha kule ndawo.