
I-IEC ITHI ISIMI NGOMUMO NGOKHETHO LOHULUMENI BASEKHAYA

USIBONGISENI Nkomo uthe njengo-IEC konke sekumi ngomumo ngokhetho lohulumeni basekhaya, oluzoba mhla ziyi-4 kuLwezi. ISITHOMBE: UMUSA NEWS
AKHONA DLAMINI
INHLANGANO ezimele eyengamele ukhetho, Independent Electoral Commission, ithe konke sekumi ngononina ngokhetho lohulumeni basekhaya.
Lokhu kuvezwe uSibongiseni Nkomo wakwa-IEC ngoLwesithathu, ngesikhathi kune-EThekwini Community Media Forum, eBotanic Gardens eThekwini.
Lo mhlangano okuthekelwa abezindaba ngolwazi, oluthinta iminyango kahulumeni nezinhlaka ezizimele, ubugxile kakhulu ezihlokweni ezinohlonze, okubalwa ukhetho lohulumeni basekhaya oselusemome, ukufundiswa kabanzi ngabantu abanebala elimhlophe (albinism), ngokubaluleka kokuthuthukiswa kwezokuvakasha.
USibongiseni Nkomo obemele i-IEC, uchazele abezindaba ngomqulu wokhetho kanye nezindlela ezisetshenziswayo ukuze kuvotwe ngokuthula nangeqiniso.
“Kukhona izinhlobo ezintathu zemikhandlu yomasipala eNingizimu Afrika, okuyi-Metropolitan Municipality, i-District Municipality ne-Local Municipality. Yonke le mikhandlu iyavotelwa ngokusemthethweni, ukuze abavoti bameleleke kuyo futhi konke kwenzeka ngobuchule nobunyoninco. Akulula ukuthi kwenzeke ubugebengu ngoba ama-ballot papers ayabalwa ukuthi mangakanani, futhi kuba nendlela alandelana ngayo. Akulula neze ukuthi umuntu azifikele neyakhe ngoba kuba imfihlo eyaziwa yithi kuphela ukuthi alandelana kanjani,” kubeka uNkomo.
Uqhube wathi umuntu uyanikwa elinye ithuba lokuqala phansi avote, uma enze okungeyikho kwi-ballot paper. Leyo ballot paper okwenzeke kuyo iphutha ayibalwa kanye namavoti.
