Uncategorised

ISASASA KUNQOBA OWASEMAKHAYA E-KZN KOWE-BBM


UMBIKO: AKHONA DLAMINI

UKUNGAZENZI umuntu angeyena, ukukhuluma iSingisi engathi iSiZulu nokuba yibhinca, yikhona okwenzele uSWEET Guluva ugazi, okuholele ekutheni abaqwaqwade emakhanda kwi- Big Brother Mzansi Season 5 uMlilo 2025.
U-Akhonamathemba Mbhele odume ngelika Sweet Guluva waseNquthu KwaZulu-Natal, ukhale wemuka nomklomelo ka-2 million emdlalweni we-Big brother namhlanje ebusuku, wenze abaningi abebethanda u-Uyanda bakhale ngokuvota okungenamkhawulo kwabantu baKwaZulu-Natal, bakuyamanise nokucwasa ngobuzwe.
Lokhu kumenyezelwa kwemiphumela kwenze abathandi bakhe, babambe umoya, okuthe uma sekubizwa igama lakhe, kwaqhuma imikikizo, abantu bagcwala izitaladi becula amaculo befaka igama lakhe.
Le nsizwa esencane ephenduke isilomo ibiqhathwe nabanye abangamashumi amabili nane, okuhlungwe kwahlungwa kwagcina kusala ababili.Iningi labo beliphuma ngenxa yokuthola amavoti amancane kubalandeli babi.
UGuluva uzakhele uthando kubantu ngendlela abeziphethe ngayo,umoya wakhe ophansi kanye namahlaya,uphinde wabhekana nobunzima ngenkathi isinqandamathe sakhe u-Ashyle Ogle siphuma kwi-Big brother uMlilo
Abalandeli bakhe bagcine bekhankasa kuhle kwezinhlangano zepolitiki uma kusondela ukhetho, bevotisa abantu ezikoleni, emarenke, ezibhedlela nanoma yikuphi lapho okuhlangene abantu, okugcine kuyimbangela yokuthi abaqwaqwade emakhanda ngamavoti angu 53.46%.
Ngesikhathi kungena imphumela uGuluva ubebonakala ethuke kakhulu nokwenze ukuthi akhihle esikanandi ngenkathi ezwa ukuthi unqobile.