Uncategorised

KUDUTSHULWE KWABULAWA USOKHEMISI KWANYUSWA

UNOMZILA Madinane obeneminyaka engama-27, okulindeleke ukuthi abekwe endlini yakhe yokugcina ngeSonto. ISITHOMBE:FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

UHLELI lubhojozi umphakathi wakwaNyuswa eHillcrest, kulandela ukubulawa kukaNomzila Madinane obesanda kuvula ikhemisi,
ngenhloso yokusondeza izinsiza zokwelashwa kubantu bendawo.
Lo wesifazane kanye nomsebenzi wakhe, badutshulwe babulawa ngesikhathi kuhlaselwa ikhemisi ngabantu abebehlomile, kwathi unogada owazama ukungenelela walimala kanzima ulwela impilo yakhe esibhedlela.

Umngcwabo wakhe uzoba ngesonto.
Abahlali bathi ukushona kwakhe kushiye isikhala esikhulu emphakathini, ebebonakala njengomuntu obezimisele ukusiza nokuthuthukisa impilo yabantu bakwaNyuswa.

Umphakathi uyaqhubeka nokufuna ubulungiswa ngomufi, ngethemba lokuthi iphupho lakhe lokuletha usizo lwezempilo eduze kwabantu ngeke lishabalale kanye nokudlula kwakhe emhlabeni.