Uncategorised

UNTULI NOHLELO LOKUQASHWA KWAMAVOLONTIYA ALWA NOBUGEBENGU

AMAVOLONTIYA alwa nobugebengu . IZITHOMBE: GCINA NDWALANE

NOMCEBO NGEMA

KULOKOZA inhlasi yethemba kumavolontiya alwa nobugebengu emphakathini, kulandela ukuthi uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli eveze ukuthi basezingxoxweni zokuqasha kwamavolontiya ayi-700, alwa nobugebengu. UNdunankulu uveze lokhu izolo, ngesikhathi enomhlangano namavolontiya alwa nobugebengu, ehholo eDube Village eStanger, beqhuba uhlelo i-Operation Sukuma Sakhe (OSS).

Uthe amavolontiya abhekana nobunzima njrngoba ebhekana ngqo nezigebengu eziningi okubalwa ezihlomile, ezidayisa izidakamizwa njalo njalo. “Ibe enkulu indima eklanywa amavolontiya ekutheni kwehle ubugebengu kulesi sifundazwe. Ngiyawabonga amavolontiya, ngiwafanisa namaqhawe. Ngiyabonga kakhulu kubasebenzi behhovisi lami, noMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi ngokungilekelela. ukuthi nithole uqeqesho Uqeqesho enilutholayo ngelokugwema amaphutha, okuzibambela mathupha izigebengu,” kusho uNdunankulu uNtuli.

Uthe lolu daba lokuqashwa keamavolontiya lusezithebeni, babeke eceleni isabelo mali esizolekelela zonke izifunda. “Le mali izosiza ngoba abaningi benu abasebenzi. Sizoqasha amavolontiya ayi-700 KwaZulu-Natal. azothola imali yensipho ebese kuthi emuva kwesikhathi siwabhalise wonke amavolontiya alwa nobugebengu ukuze bathole imali yensipho,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.