
KUZOBONGWA ODLALELA IQEMBU LIKA-LUCKY DUBE
UMBIKO: BUSISIWE ZONDI
KUZOKUBA nendumezulu yomcimbi womculo wamaRasta obizwa nge- UGU RAGGAE FESTIVAL oluzobe luhamba neqembu lomculo elalidlalela uLucky Dube nelisadlala namanje.
Lomcimbi ozokwenzelwa oGwini, ulethwa yiMayibuye Entertainment ngokubambisana noMnyango wezemiDlalo namaCiko KZN, kulandelwa imigudu weNational Arts Council of South Africa.
Ngaphandle kwedili lomculo, kuzobe kubungazwa, kubongwa umdlali wopiyano osesebenze naleliqembu isikhathi eside, uThuthukani Cele. UThuthukani ungowokuzalwa khona oGwini eBhobhoyi, kanti leliqembu seliwahambe wonke amazwe, kodwa alikaze lize kulendawo.
Ongumhleli walomcimbi uNkk Philile Cele uthe, kuyamjabulisa ukuthi athole ithuba lokubungaza uThuthukani esaphila. “Bekuyiphupho lami leminyaka ukubonga uThuthukani obesefana newele likaLucky Dube indlela ebebezwana ngayo nangendlela abebezimisela ngayo esteji. Okunye bekuziqhamukela ngaphandle kokuhlelwa, benze into ecokeme”, kusho yena.
Uqhube wathi kuzobe kungokokuqala uThuthukani edlala neqembu laLucky Dube ngakubo, ngakhoke izinga liyobe liphezulu kakhulu.
Abanye abaculi abalindeleke kulendumezululu, singabala uJah Seed owaduma kakhulu kwiBongo Muffin, u-Afrika Cele, iBongo Riot kanye no Armstrong ongowasendaweni.
Uhlelo luyobe luphethwe ngusomahlaya waseThekwini uSimphiwe Shembe.
Kanti amathikithi aseyatholakala ngoR250 eTicketpro kanye nasezindaweni ezidayisa amathikithi.
