KUDODISWE AMADODA KWISITHANGAMI SOKUDODISANA E-RICHMOND

AMADODA abephume ngobuningi bawo kwisithangami sokudodisana. ISITHOMBE: RICHMOND MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
KUKHUTHAZWE amadoda ukuthi abe abavikeli babantu besifazane nezingane, kwisithangami samadoda ebesisehholo lomphakathi eSmozomeni, eRichmond. UCllr Sithembiso Latha uthe le inkundla yamadoda ekhuthaza ukuthi akhulume ngezingqinamba abhekana nazo.
“Sizama ukwelapha abantu besilisa ukuthi babe ngamadoda avikelayo nanakekelayo. Sizama ukuqeda isihlava sokuhlukumeza, nokuhlukunyezwa ngokobulili. Isikhathi esiningi amadoda abukeka sengathi anodlame kanti nawo akhuliseke ngendlela engalungile ngaphansi kwenkolelo ethi indoda ayikhali. Le ndlela yokukhuliseka engalungile iholela ekutheni indoda igqumelane, ifele ngaphakathi. Kuthi la isiqhuma khona nayo iyahluleke ukuzibamba ilimaze umndeni nesizwe,” kusho uCllr uLatha.
Uqhube wathi indoda kufanele iziqonde siqu sayo ukuthi iyini ekhaya nasesizweni. “Indoda kufanele ibe inhloko, ivikele. Indoda kufanele ijwayele ukuthi izinto ziyabikwa kubantu abafanele okubalwa amaphoyisa, osonhlalakahle nezinye izinhlaka ezahlukene,” kuphetha uCllr uLatha. UMnuz Tshapha oyilunga lomphakathi, uthe kumnandi ukuhlanganyela namanye amadoda, uthole ulwazi, nezimfundiso eziningi. “Ekukhuleni kwami bengazi ukuthi umuntu wesifazane akashawa nhlobo ngoba lokho kuyichilo nehlazo,” kusho uMnuz Tshapha.
